Kuthiwa uzohlala izinyanga ezine engadlali uNduli

 

EzikaMagebhula ezagebhula umhlaba wendoda zawubhekisa phezulu akwabandazalutho sezikuqinisekisile ukuthi umdlali wazo uSihle Nduli uzohlala izinyanga ezine zonke engabonakali emabaleni ezinkundla zemidlalo kulandela ukulimala kwakhe ngesonto eledlule ngenkthi ezimnyama zidlala noSuthu.UNduli walimala kabuhlungu eqakaleni elinyazwa umdali woSuthu uThandolwenkosi Ngwenya. Kuthiwa uNduli wathola ukulimala okubizwa ngokuthi i -Grade 3 ligament tear.Kuthiwa lolo hlobo lokulimala lubucayi kakhulu futhi lubuhlungu,kuthiwa iqakala liyadumba,amajoyini ayahlukana okuphoqelela ukuba umuntu ahambe ngezinduku futhi afake nokhonkolo ukuze akwazi ukwelapheka noma ukululama kahle.UNgwenya waxolisa kuNduli,waxolisa ngokusebenzisa iStatus sika Instagram.Asazi noma uNduli wasibona yini leso Sitatus soxolo lukaNgwenya.Njengoba uNduli ezoqeda amasonto amane engadlali okusho ukuthi maningi amathuba okuthi singaze simbone ngeSizini ezayo ezinkundleni.

 

Khumu! 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *