ISenegal isiqoke uViera njengoMqeqeshi wayo omusha

Iqembu lesizwe laseSenegal seliqoke uPatrick Viera njengoMqeqeshi walo omusha .UViera uzovala isikhala sika Pape Thiaw owakhonjwa indlela ngesizathu sokwehluleka ngamalengiso kuleli qembu emqhudelwaneni wendebe yomhlaba ngoNtulikazi.UViera okhumbuleka kahle kakhulu ngezikhathi zakhe zokudlala lapho adlalela khona iArsenal,iManchester City kanye neqembu lesizwe laseFrance ize enguMsinsi wokuzimelela eSenegal.Le nsizwa yakwaViera ibuye ibe nesipiliyoni esinzima ekuqeqesheni ngoba iseke yacija amaqembu esingabala kuwo New City FC yaseMelika,iCrystal Palace yaseNgilandi Nice yaseFrance ,iGenoa yaseItaly  kanye namanye.UViera wadlala iqembu lesizwe laseFrance amahlandla ayi 107.Uhlome ngeziqu iEURO Pro Licence.

Khumu! 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *