Kuboshwe abasolwa abathathu endaweni yaseKempton Park abatholakale neWashi lika Sisi uElizabeth “Tsontso” Moselakgomo owabulawa ngenyanga edlule endaweni yaseKempton Park eKurhuleni,eGoli.Kuthiwa umsolwa wokuqala wathenga leli Washi eliyiSmart Watch kumuntu afika amadayisela lona eShop yakhe,naye wabe eselidayisela umsolwa wesibili naye owalidayisela umsolwa wesithathu.Kuthiwa umsolwa wokuqala ungowaseNigeria futhi uneShop edayisa ubucwebe endaweni yaseKempton Park.Kuthiwa leli Washi litholakale selishintshwe iProfile,selifakwe uGmail kamsolwa wesibili.Ngokusho koNgoti kuthiwa iProfile uyishintsha kuphela uma usukwazile ukugqekeza iProfile yangaphambilini phecelezi original profile.Kuthiwa bonke abasolwa bangabaseKempton Park futhi bonke bayazana.Bonke abasolwa bebevelile namuhla enkantolo.Abasolwa ababili okuwumsolwa wokuqela nowesibili bathole ibheyili kaR10 000,nokho bebengakayikhokhi namuhla emini.Umsolwa wokuqala ongowaseNigeria yena akayitholanga ibheyili ngesizathu sokungapheleli kwemininingwane yakhe,okuhlanganisa nekheli lakhe kanye neAssylum yakhe.Kuthiwa laba ababili bona banawo amakheli aqondile.Sekubulawe abantu besifazane abayi 12 endaweni yaseKurhuleni ezinyangeni ezintathu nje kuphela.
Khumu!