Abantu abayivali imilomo ngesenzo esihle sobuholi benhlangano iMarch and March okuyinhlangano elwa nokwanda kwabantu bokufika abakuleli ngokungemthetho.NgoMgqibelo esiphuma kuwona amaPhoyisa aseThekwini abophe amalungu amathathu ale nhlangano,okuwuSiphelele Magolide Shinga,uMazilo Dzanibe kanye noWandile Nsibande. Bebevelile -ke namuhla enkantolo yaseThekwini lapho bebemelwe khona uMnu uZuma owumyeni ka Jacinta Ngobese Zuma okuwuyena owasungula le nhlangano.Umfoka Nxamalala uwuMmeli osezingeni eliphezulu vele. UShinga noDzanibe bathole ibheyili ka R1000 umuntu emunye,leyo bheyili ikhokhwe uMaNgobese.UNsibande yena akayitholanga ibheyili,kuthiwa isicelo sakhe sebheyili sizoqhubeka ngomhlaka 16 kwephezulu.Abantu balokhu bebuncome njalo ubuqhawe nobuntu kubaholi bale nhlangano ngokumela amalungu awu .
Khumu!