Amabombo uwasingise oKhozini uVusizwe Langa kuSigiya ngeNgoma uyovala isikhala sikaTshatha Ngobe.NgoMsumbuluko ekuseni abaphathi boKhozi bamemezele izinguquko zakulonyaka ezizoqala ngomhlaka 1 Ephreli.Umfoka Langa uyoyibamba noBingelela Mpanza ohlweni lomculo wesintu olubizwa ngokuthi uSigiya ngeNgoma.Lolu hlelo luba khona njalo ngoMgqibelo kusukeka ngo9 ekuseni kuya ku12 emini.USothole okwamanje uyibambe kwiJozi FM lapho enza khona uhlelo olufanayo lomculo wesintu,ulwenza ngesikhathi esifanayo,kusukela ngo9 kuya ku12.Ubuye atholakale nakwiZindaba zethu ku-Channel 163,kwiDSTV.UMfoka Ngobe noSelby Mkhize bazoqubeka ngohlelo lwasemini u”Woza nabangane bakho”.Lolu hlelo luphakathi nezinsuku kusukela ngo3 emini kuya ku6 ntambama.Kubuyiswe neNtandokazi yabalaleli uSithandwa Nzuza owahamba ngo2019 kulandela ukungavuselelwa kweNkontileka yakhe.UMaFresh uzovala isikhala sikaNjinji(uMandla Magwaza)ohlelweni i-Top 20 kusukela ngo12 kuya ku3 njalo ngoMgqibelo.UNjinji washiya oKhozini ngonyaka odlule.UPhindi P uzoshayela uhlelo i-EShilo okuwuhlelo oluba khona njalo ngeSonto ekuseni ngo9.Lolu hlelo lwalukade lushayelwa uSisi uZanele Mbokazi ongasekho.UNkosinathi Mshengu ozokwenza uhlelo uBusuku obuhle ngo8 ebusuku kuya ku12,ngoMsombuluko kuya kuLwesine.Lolu hlelo lwalushayelwa uSiya Mhlongo osabhekene necala lokushaya alimaze isoka lakhe.Izinhlelo zasekuseni kuya emini phakathi neSonto azishintshanga.
Uya oKhozini kuSigiya ngeNgoma uVusizwe Langa