Kubikwa ukuthi inhlangano yeBhola lezinyawo iFIFA isiyalele iqembu leBhola laseZimbabwe iNgezi Platnum Stars ukuba ikhokhele owayenguMqeqeshi walo uBenjani Mwaruwaru imali ewu$600 000 wamaDola aseMelika ngokumxosha ngokungemthetho.Lesi sizumbulu semali uma sesiguqulelwa emalini yalapha ekhaya siba uR10.9million.UMwaruwaru wayeqashwe yileli qembu njengoMqeqeshi ngowe2023.Ekuqashweni kwakhe wadlala imidlalo eyi13 , wanqoma emithathu,wehlulwa kwemine,wadlala ngokulingana kweyisithupha.Kusobala ukuthi abaphathi bakhe abazange bagculiseke ngaleyo miphumela,babona kukuhle ukuba iBhantshi ligcwale umoya,kanti babengabuzanga elangeni ngoba kuthiwa umfoka Mwaruwaru wafunga wancinda izithupha wathi uzobathathela izinyathelo zomthetho,okuyinto agcina eyenzile.Kuthiwa iPhephandaba laseZimbabwe iHerald Newspaper lithe uma lizama kuxoxa nomfoka Mwaruwaru ngocingo waphendula ngokuthi “no comment”.Le nsizwa yakwaMwaruwaru yake yagijima kwiJomo Cosmos yalapha ekhaya ngaphambi kokuba iwelele phesheya iyodlala eSwitzerland,France kanye naseNgilandi.Yathi uma ibuya phesheya yagijima kwiWits kanye nakwiChippa United.Manje icinja iqembu labadlali abasebancane bePlymouth Agyle laseNgilandi.INgezi Platnum Stars ibingakaphawuli ngalolu daba.Uma ingayikhokhi lemali izozithola isivaliwe ukusayinisa abadlali okweSizini yonke.
Khumu!