UMama ka Senzo ukhala ngeNgaloyomthetho

Namuhla kuphela iminyaka eyishumi nanye(11)kwabulawa oyenguNozinti weqembu lesizwe iBafana Bafana kanye neOrlando Pirates uSenzo Meyiwa waseMlaza.USenzo Meyiwa wabulawa ngalo lolu suku lwanamuhla ngowe 2014 esekhaya lowabe eyintombi yakhe uKelly Khumalo e Vosloorus.Abalandeli beqembu le Orlando Pirates begatsha laseThekwini namuhla bebevakashele uMama ka Senzo khona eMlaza ohambeni obeluxhaswe ngabakwaTelkom.Nabezindaba-ke bathole ithuba lokuxoxa noMama ka Senzo okhale kakhulu ngeNgaloyomthetho wathi ayinabo ubulungiswa.Ukhale ngokuthi sesiside kakhulu isikhathi belinde ukuba kutholakale umbulali wendodana yakhe.Uqhubeke wathi nabasolwa abasenkantolo manje ngecala lokubulala uSenzo ababona ababulali bangempela bendodana yakhe.Uthe yebo banawo amanye amacala abathinteka kuwona kodwa hhayi elokubulala indodana yakhe.Intombedala iphinde yakhala nangokuqokwa kweJaji elaselithathe umhlalaphansi-lalandwa kwathiwa alizophatha icala lokubulawa kukaSenzo.Iqhubekile intombendala yakhala nangokungabizwa kwabanye abantu ababekhona mhla kubulawa indodana yayo,ibe isibagagula ngamagama yathi uKelly noMama wakhe uMaKhumalo.Obehola abalandeli baMabhakabhaka naye ulitholile ithuba lokuxoxisana nabezindaba.Naye ukhale ngayo iNgaloyothetho wathi ayinabo ubulungiswa.Waphinde wezwakalisa ukuzwelana kwakhe noMama ka Senzo wathi akalahlekelwanga yindodana kuphela kepha wabuye walahlekelwa nawuMyeni uSam Meyiwa owaphathwa wukugula ngemuva kokuzwa izindaba zokushona kwendodana yakhe.

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *