Ukhala uyazithulisa umndeni wamantombazane aseMamelodi ex 17 eTshwane ngokubulawa kwezingane zawo ezingabazala,uTshiamo Moramaga kanye noBaleseng Moramaga ababuwa ngesonto ekuseni ngezithuba zo4am.Kubikwa ukuthi lezi zingane zakwaMoramaga zaziphumile ngoMgqibelo ebusuku kuzosa kuyiSonto zayo cima ukoma eThaveni yendawo.Kwathi ngeSonto ekuseni zatholakala zibulewe zindindilizile endaweni eyibangana nalapho bezihlala khona,ziqashile eFulethini.Ngokwemibiko yomakhelwane bathi bezwa ukuqhuma kwesibhamu ngezithuba zo4 ekuseni.UMastende wabo uJoana Mabena uthole ithuba lokukhuluma nabezindaba.Uchaze abafi njengezingane ebezihlonipha kakhulu zibazisa abanye abantu,futhi zithanda inhlanzeko.UMabena uthi ulimele kakhulu emoyeni ngoba lezingane ubezithatha njengezingane zakhe zegazi ize bezinezinyanga ezinhlanu nje kuphela zifike kwakhe.Omunye okhulume nabezindaba ngu-Itumeleng Moramaga(41)ongunina ka Tshiamo.U-Itumeleng uthi lezingane zakhula ndawonye futhi bezingehlukani,bezihlezi zindawonye.Naye uthi ulimele kakhulu emoyeni-uyafisa kakhulu ukuba umthetho udlale indima yawo kubanjwe umsolwa avalelwe futhi achaze ukuthi uzibulaleleni izingane zakhe.Okhulumela amaPhoyisa aseTshwane uJohan van Dyk ukuqinisekisile ukuthi icala elithinta lesi sigameko lavulwa eSteshi saseMamelodi East ngalo iSonto ngomhlaka 26.
Usagcwele amathafa umbulali wamantombazane aseMamelodi