Kubikwa ukuthi amaPhoyisa asePitoli asebophe umsolwa oneminyaka eyi38 ngecala lokubulala amantombazane asePitoli(Tshwane) eLokishini laseMamelodi ext17.Lesi sigameko senzeke ngeSonto ekuseni ngezithuba zo4 ekuseni.Amagama ezisulu uTshiamo Moramaga(22) kanye noBaleseng Moramaga(21) abangokaNina,oMama babo bayizelamani.Kuthiwa lamantombazane akhula ndawonye kanti futhi abehlezi endawonye engehlukani.Igama lomsolwa belisagodliwe okwamanje kwazise ubengakaveli nasenkantolo,uzovela ngoLwesithuthu esiya kulona.AmaPhoyisa akuvezile nokuthi kukhona isisulu sesithathu esithola ukwelashwa esibhedlela.sisinde kukho lokhu kuhlaselwa kwalezingane.Unina kaTshiamo Moramaga uthe uma ebuzwa yintetheli yeNewzroom Afrika ukuthi ngabe uzizwa kanjani ngezindaba kokuboshwa komsolwa waphendula ngokuthi ufisa ukumbona lomsolwa abone ukuthi ngabe nguyena yini naye asola ukuthi nguyena oyisoka likaTshiamo elinonya kakhulu,elimhlukumezayo uTshiamo.Umsolwa uboshwe namuhla emini eGalaji elisePitoli edolobheni ethela uPetrol.
Sekuboshwe umsolwa ngelokubulala amantombazane aseMamelodi