UMphathi weDurban City uthi iqembu lakhe ngeke libuyele eMgungundlovu

UFarouk Kadodia onguMphathi weqembu leDurban City uthi iqembu lakhe ngeke libuyele eMalizibhezi ngisho noma kungathiwa iRoyal AM iyaxoshwa kwiPSL.IDurban City yayikade yaziwa ngokuthi yi-Maritzburg United ngaphambilini nokwathi ngemuva kokudliwa kwayo yiZembe ngo2023 yalahlekelwa ngabaXhasi bayo okunguMasipala waseMsunduzi owaxasa iqembu iRoyal AM esikhundleni seMaritzburg United.Akugcinanga laph0,iMaritzburg United yabuye yephucwa namalungelo ayo okusebenzisa inkundla iHarry Gwala njengenkundla yayo yasekhaya.Lokho kwaphoqa iMaritzburg United ukuba ifudukele eThekwini,isebenzise inkundla iChatsworth Stadium njengekhaya layo.Lokho kwaholela ekutheni iMaritsburg United iguqule igama izibize ngeDurban City.Manje iqembu iDurban City liqwakele phezulu kwiLigi iMotsepe Foundation Championship kanti futhi kunethemba elikhulu lokuthi leli qembu lingahle libuye kwiPSL ngeSizini ezayo. Kanti ngakolunye uhlangothi iRoyal AM yona ibhekene nezinkinga  ngoba kubikwa ukuthi uMphathi walo uShawn Mkhize ukweleta abakwaSARS izindodla zezimali ezilinganiselwa kuR40million.Izikweletu zaleli qembu ziholele ekutheni abadlali bengabe besaholelwa kahle nokuholele ekutelekeni kwabadlali baduba ukuzilolonga.Ukuteleka kwabadlali kuholele ekwehlehlisweni kwayo yonke imidlali yeRoyal AM kuze kube ukuphela kweSizini.Kamuva abezindaba babike ukuthi i-PSL ihlela ukuxosha iRoyal AM kwiLigi yakuleli.Abezindaba baphinde babika ukuthi kunemibiko ebika ngokudayiswa kwaleli qembu ngenxa yazo izinkinga zezimali.UMphathi weDurban City uKadodia uthe ebuzwa ngabezindaba mayela nokubuyela eMgungundlovu uphendule ngokuthi ngeke iqembu lakhe liye lapho,ngoba lokho kuyoba ihlazo elikhulu.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *