INgqalabutho yomculo weKwaito uDoc Shebeleza ucela iNkongozelo kubantu baseNingizimu Afrika njengoba ebekade elaliswe eSibhedlela eyohlinzwa, eyohlinzelwa isifo esingakadalulwa. Ngokusho kwakhe exoxa nabezindaba uthi ukuhlinzwa kwakhe kuzoba yizikhawu ezimbalwa . Uthi ukuhlinzwa kwakhe kwesikhawu sokuqala kuhambe kahle kakhulu kanti nezindleko zakho usezikhokhelile okuyimali athe uR20 000. Uveze ukuthi isikhawu sesibili esizolandela maduze sona sizobiza kunalesi sokuqala ngoba inkokhelo yaso iyoba uR350 000 – kanti akumekile kahle kuye ngaseMaphaketheni, ngakho -ke uyazehlisa impela kubantu baseNingizimu Afrika , ucela usizo. Uphinde wabonga nabantu abamesekile ngenkathi eseSibhedlela , wabonga nemikhuleko yabalandeli bakhe kanye neyabantu baseNingizimu Afrika jikelele. Uqhubeke wathi ize ebhekene nezingqinamba kodwa unethemba lokuthi uyolulama ekuguleni kwakhe . Le nsizwa yaduma kakhulu ngengoma yayo yeKwaito esihloko sithi “Ebumnandi”. Igama layo langempela nguVictor Bogopane . Wayedume kakhulu impela uMfoka Bogopane ngezinsuku zakhe kangangokuthi noMculi weHip Pop uCassper Nyovest waze waqamba ingoma ngegama lakhe , u”Doc Shebeleza”eyakhishwa ngowe 2014 .
Ucela iNkongozelo uDoc Shebeleza