Obekade enguMsakazi woKhozi uSipho Mbatha odume kakhulu ngelikaSgqemeza uyayichitha imibiko ethi nguyena owazicelela indlela kuloMsakazo.Uthi abaphathi abasha boKhozi yibona abamazisa ukuthi bayaligqabula igoda.UMthiya ukhiphe isitatimende namuhla echaza ngokwenzeka.Ngaphambilini uKhozi lwalubike ukuthi uMthiya wenqabile ukusayina inkontileka entsha,wabe esezicelela ukukhululwa ukuze ayoba matasa ngezithinta inkolo yakhe yobuKhrestu.Esitatimendeni sakhe uMthiya uthi ayikho yonke leyonto,uthi indlela okwaxoxiswana ngayo ayimgculisanga.Uthi izizathu zokukhululwa kwakhe unqena nokuzisho ngoba ehlonipha uKhozi kanye noSABC.Uphinde wacela nabazalwane ukuba behlise imimoya.Wabe esegcina ngokuthi iminyango yakhe isavulekile uma ngabe kukhona eminye iMisakazo efisa ukumqasha.