Kuthiwa uwe eBhilidini esuka kwiSitezi sika 22 uNathi Mthethwa

Kalisekho emhlabeni inxusa leNingizimu Afrika eFrance uNathi Mthethwa,kuthiwa isidumbu sakhe sitholakale eHotela lakhona eFrance iHyatt Hotela.Kusolakala ukuthi uwe esuka esitezi sika22.Kuzokhumbuleka ukuthi igama likaMthethwa like lathintwa nguJenene Mkhwanazi kwiKhomishana iMadlanga Commission wathi naye uyathinteka kwabasebenzisana nezigebengu kuleli laseNingizimu Afrika.Ngeshwa-ke okaNyambose usehambe engaligezanga igama lakhe.Kuthiwa umkakhe uPhilisiswe Buthelezi ubebikele amaPhoyisa aseFrance ukuthi uMthethwa udukile ngoMsombuko,wase etholakala namuhla emini eseshonile.Kuthiwa ucingo lwakhe belusavuliwe ngoMsombuko ntambana,kubikwa nokuthi okaNyambose uthumele umkakhe umlayezo othusayo.UMthethwa uqale ukuba yinxusa laseNingizimu Afrika eFrance ngonyaka odlule.Ngaphambi kokuba aye eFrance ubeke waba uNgqongqoshe wamaPhoyisa kanye nowezemidlalo nobuciko.

 

Khumu! 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *