Agcine egwetshiwe amaPhoyisa ashaya isiboshwa saze safa

AmaPhoyisa aseFreestate ePhuthadijhaba agwetshwe uDilikajele ngelekushaya isiboshwa size sife.Lokhu kwenzeka ngo2022 mhlaka 21 Meyi.Amagama alamaPhoyisa uSayitsheni Mbekeni Canuel Dladla(46),Constable Bongani Selby Zondo(36),kanye noConstable Richard Mohau Balene.Laba abathathu bagwetshwe uDilikajele ngecala lokubulala isiboshwa uThabo Moses Mopeli.Baphinde bagwetshwa izinyanga eziyi-12 umuntu emunye ngecala lokushaya ngenhloso yokulimaza.Inkantolo iphinde yaveza nokuthi abakulungele ukuphatha izibhamu.Abamangali kuleli cala uThapelo Johannes Sekete noThabang Mopelli bathi ngomhlaka 21 Meyi 2022 belibangise endaweni yokucima ukoma bamiswa yiVeni yamaPhoyisa ayayikade ihamba ngawo lamaPhoyisa amathathu,bagcina beboshelwe ukuphuza esidlangalaleni,Ngokusho kwabo bathi ngokuhamba kwesikhathi bajoyinwa uMufi uThabo Moese Mopeli owayeboshelwa ukugebenga ibhizinisi thizeni.Laba ababili bagcina bephunduke ofakazi kuleli cala.Ebufakazini babo baveze ukuthi ngesikhathi amaPhoyisa ehloma uMufi imibuzo aqala amshaya ngesidunu sesibhamu ebuza ukuthi siphi isibhamu sakhe.UThapelo noThabang bathi amaPhoyisa aqhubeka ebashaya bona kanye noMufi nangesikhathi sebehanjiswa eTseseng SAPS CSC nokuyilapho uMufi wagcina eshonele khona ngenxa yokulimala..

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *