Ugqunywe esitokisini owaseTophiya ngelokudlwengula ingane

Umphakathi waseHendrina eMpumalanga uwotha ubomvu kulandela ukudlwengulwa kwengane yentombazane  eneminyaka eyisithupha idlwengulwa yindoda engeyokufika kuleli,eluqhamukisa eTophiya.Kuthiwa umsolwa (26)wayedlwengulela phakathi esitolo sakhe le ngane yentombazane.Ngokombiko wamaPhoyisa kuthiwa le ngane yayithunywe esitolo somsolwa ikanye nomngane wayo,kuthiwa umsolwa wazama ukuzibamba zombili lezingane,enye yaphunyula yabaleka yayobika ekhaya,kwasala lena agcina eyidlwengulile lo msolwa.Okhulumela amaPhoyisa aseMpumalanga uBrig Donald Mdhluli uthi icala lokudlwengula libikwe emaPhoyiseni,lisetshezwa luphiko olubheke namacala asekhaya nawokuvikela izingane kanye nawokunukubeza ngokucansi.Kanti umphakathi wakulendawo udinwe ugane unwabu uthi awusazifuni izitolo zabokufika kulendawo.Kuthiwa lesi sigameko senzeka ngoLwesine,umsolwa yena waboshwa ngoMgqibelo,usagqunywe esitokisini.Icala lihlehliselwe uMsombuluko ozayo ngesizathu sokuthi umsolwa akazi ngisho nolulodwa ulimi olukhulunywa kuleli,kusazofunwa uTolika ozokwazi ukutolika ulimi lwaseTopiya.Kubikwa ukuthi lo msolwa ukuleli ngokungemthetho,akanazo izincwadi ezimvumela ukuthi abe kuleli.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *