Iqembu leBhola iOrlando Pirates selikhiphe iStatimende libika ukuthi uMqeqeshi walo uJose Riveiro ngeke ayivuselele inkontileka yakhe ezophela ngoNhlangulana(June)kulonyaka.Okusho ukuthi uzolishiya leli qembu ekupheleni kweSizini esikuyona.Kanti kamuva nje lo Mqeqeshi uke wabuzwa ngabezindaba mayelana nenkontileka yakhe ezophelelwa isikhathi waphendula ngokubamba eyeka wangezwakala kahle-hle ukuthi uthini.UMphathi waleli qembu uMnu Irvin Khoza utshele abezindaba ukuthi njengabaphathi beqembu bebefisa kakhulu ukuthi lo Mqeqeshi ayivuselele inkontileka yakhe futhi bazamile ukuxoxisana naye kodwa kwanhlanga zemuka nomoya.IOrlando Pirates isanda kushaya iMC Alger yaseAlgeria ngegoli elilodwa eqandeni emdlalweni weChampions League Quater Finals khona ekuhambeni eAlgeria.Lo mdlalo ubuwumlenze wokuqala,umlenze wesibili uzodlalelwa eOrlando ngeviki elizayo.Akukaziwa ukuthi le nsizwa yakwaReveiro iwasingese kuphi amabombo,nanokuthi ngubani ozovala isikhala sayo.