Umklomelo kaR50 000 koyolekelela ekutholakaleni kwezithandani ezidukile

Umphakathi waseMamelodi eTshwane uzobamba umkhuleko lapho kuzobe kucelwa kuMninimandlawonke ukuba engenelele kutholakala izithandani izidukile.Laba ababili nguAserie Sibusiso Ndlovu kanye nesithandwa sakhe uZodwa Precious Mdluli.UNdlovu unguMsunguli woMsakazo womphakathi iCapital Live FM elalelwa kakhulu izakhamizi zaseMamelodi,kanti ubuye abe yintatheli.Kuthiwa lezi zithandani sezinezinsuku eziyi45 zidukile.Kucelwa ongabe enolwazi athinte amaPhoyisa aseduze naye noma ashayele uMxolisi Nama ku082 778 9035,noma ashayele uSayitsheni Lekganyane ku082 768 6433.Kuthiwa kubekwe eceleni umklomelo kaR50 000 kozolekelela ngolwazi oluyoholela ekutholakaleni kwalezi zithandani.Kuthiwa lezi zithandani selokhu zagcina ukubonakala mhlaka 18 Febrwari(Nhlolanja)zisuka ekhaya kwaMhlanga ziphikelele emsebenzini kwiCapital Live FM eMamelodi.Namuhla ngomhlaka 3April(Mbasa)ozakwabo balezi zithandani bazoba nomkhuleko okhethekile ozobanjelwa ezindlini zokusakaza(eStudio) zeCapital Live buqamama neNxanxatheka yezitolo iDenlyn Mall eMamelodi.Kuzokhulekelwa ukuthi uMdali abakhumbule babuye bephephile.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *