Umfundisi waseNigeria ozinze kuleli uTimothy Omotoso udle umhlanganiso kuwo wonke amacala ayebekwe wona yena namaLunga amabili esifazane ebandla lakhe oLusanda Solani kanye noZukiswa Sitho.Laba abathathu bavulelwa amacala ngoApril ka2017 baboshwa ngo2018.Kulamacala kubalwa amacala okunyubeza ngokucansi,awokushushumbisa ngabantu kanye nawokushushumbisa ngemali.Laba abathathu belokhu besesitokisini kusukela ngawo u2018,kulokhu kuqulwa amacala abo.Namuhla eNkantolo enkulu yaseGqeberha iJaji uIrma Schoeman likhiphe isinqumo esishaqisayo lathi laba abathathu libathole bengenawo amacala ngoba i-NPA ihlulekile ukuveza ubufakazi obuqanda ikhanda obukhomba ukuthi laba abathathu ngempela banecala kulezi zinsolo ebezibhekiswe kubo.Kanti ngaphambi kokuba iJaji likhiphe isinqumo uChris Swepu weAzapo utshele abezindaba ukuthi uma kwenzeka uOmotoso nabekwe nabo amacala bewudle umhlanganiso lokho kuyobe kuyiphutha leNPA ngoba ibe nobudedengu ekuphatheni leli cala,uthe ayizange ifake uOmotoso imibuzo ngobufakazi eyabunikezwa izisulu zakhe(uOmotoso)kanye nofakazi baleli cala.Kamuva nje iNPA ikhiphe iStatimende esithi isazokubheka kabusha ukwahlulelwa kukaOmotoso.
Umfundisi waseNigeria udle umhlanganiso kuwo wonke amacala ayebekwe wona