AmaPhoyisa aseLimpopo athungatha uThisha osolwa ngokudlwengula umfundi

Kubikwa ukuthi amaPhoyisa aseLimpopo aphume inqina yokufuna uThisha osolwa ngokudlwengula ingane yentombazane eneminyaka engu-13 kusukela ngoLwezi(Novemba)nyakenye kuze kube uNdasa(March)kulonyaka.Kuthiwa le ngane ifunda kwesinye sezikole eSifundeni iCapricorn South khona eLimpopo.Kuthiwa le ndoda ibilokhu idlwendula le ngane iphendelela kusukela ngoNovemba wangonyaka odlule kwaze kwaba uMashi esikuwona.Kuthiwa ithumba lize labhoboka ngoLwesine ngenkathi omunye woThisha ehambisa le ngane kubo lapho ifike yakhuluma konke obekwenzeka.UMkhuzi wamaPhoyisa eLimpopo uJenene Thembi Hadebe uwotha ubomvu ngalesi senzo esibi sale ndoda.Useyalele amaPhoyisa ukuba enze konke okusemandleni asebezinzise zonke izinsiza zawo ukuthungatha le ndoda esolwa ngokudlwengula ingane.Kuthiwa loThisha ubeseke wabuzwa ngalezi zinsolo wathembisa ukuthi uzozinikela kwamthetho ukuze kuqhubeke uphenyo kanti uhubha uHubhu kaBhejane uzoshaya achithe agcwale izinkalo.Kwenzeka lokhu nje kusaqheka umkhankaso u#JusticeForCwecwe.Lo mkhankaso oqhubeka kakhulu ezinkundleni zokuxhumana uqale kulandela ukudlwengulwa kwengane eneminyaka eyi7 esikoleni sayo iBergview College eMatatiele eMpumalanga Koloni.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *