Isiphumile iPortugal emqhudelwanweni weNdebe yeMhlaba,iphume izolo kusihlwa ikhishwa yiSpain ngeGoli elilodwa eqandeni.Lona bekuwumdlalo obewunganqotshwa yinoma ubani.Isethenjwa sePortugal uRonaldo uzamile impela kodwa kwala yona inhlanhla.URonaldo ngenkathi ekhuluma nabezindaba uveze ukuthi lona kuzoba wumqhudelwano weNdebe yomhlaba wokugcina ohambweni lwakhe lukaNobhutshuzwayo,uqhube wathi ngeke aphuwule ngokukhweza amaKhokho ethala. Le nsizwa eneminyaka eyi 41 isasalelwe unyaka owodwa kwiNkontileka yayo neqembu i-AL Nassr laseSaudi Arabia elidlala kwiLigi yakhona enkulu iSaudi Pro League.Leli qembu lisanda kuqasha uAnge Postecoglou njengoMqeqeshi walo omusha.U-Ange wake wacija iTottenham Hot Spurs yaseNgilandi.URonaldo obebonakala ukuthi wephuke umoya uphinde waveza ukuthi akazisoli ngokunganqobi iNdebe yoMhlaba nePortugal ,ngoba wadla izicoco ezintathu naleli qembu lesizwe.Uqhube wathi ngenkathi eqala ukudlalela izwe lakhe walithola lingenalutho(lingakaze lidle sicoco).Ene uqinisile ngoba iPortugal yaqala ukuwina isicoco ngo2016 ngenkathi inqoba i UEFA Euro 2016 , yalandela nge UEFA Nations League eyayidla ngo2019 nango 2025.
Kube nhlanga zemuka nomoya kwiPortugal kweyoMhlaba