Kuboshwe oZamazama abangele kuka 15O.Uma kukhulunywa ngoZamazama kusuke kukhulunywa ngabantu abemba iGolide ngokungemthetho.Kuthiwa amaSotsha akuleli abekanye namaPhoyisa agesele kwenye yeziMayini ezingasasebenzi eGoli eWestonaria kwaboshwa inqwaba yeZimbamgodi ngokungemthetho.Kuthiwa abomthetho bebehamba nenkampani yoNogada iSibanye Protection Services.Kuthiwa kuboshwe abakuleli abayi21,abaseZimbabwe abane,abaseLesotho abangale kuka107 kanye nabaseMozampique abangale kuka56.Iningi lalaba oZamazama belingenawo amaphepha abagunyaza ukuba kuleli.Kuthiwa abomthetho bathole izinhlamvu zeAK 47 kanye neVolovolo.Le nqina yokubamba laboZamazama ibigunyazwe uMengameli wezwe uBaba uCyril Ramaphosa.
Kuboshwe inqwaba yoZamazama eGoli