Namuhla kuphela iminyaka eyi 143 uMntwana uZibhebhu wahlasela oNdini

 

Ngalolu suku lwangomhlaka 21 kuNtulikazi 1883 uMntwana uZibhebhu wahlasela isigodlo sakithi oNdini kwasala enkundleni izikhulu zakwaZulu esingabala kuzo inkosi uSihayo Ngobese,uGodide Ndlela kanye nabanye.Okusho ukuthi namuhla kuphela iminyaka engama143 kwenzeka leso sigameko.Abazinyo abushelelezi phakathi kukaMntwana uZibhebhu neSilo uCetshwayo adalwa wukuthi kwathi ngenkathi iSilo uCetshwayo siboshwa ngamaNgisi ngoNcwaba 1879 sashiya uMntwana uDinuzulu ezandleni zikaMntwana uZibhebhu,ukuze abheke iWundlu uDinuzulu size sibuye ekudingisweni njengoba sazi ukuthi sagcina sidingiselwe eSt Helena saze sabuyiswa ngoNdasa ka 1883.Kwathi ngenkathi iSilo uCetshwayo sisekudingisweni aBantwana oNdabuko noMntwana uShingana benoNdunankulu uMnyamana kaNgqengelele basala balilanda iWundlu eBhanganomo bakhala ngokuthi liyahlushwa lisengiswa nezinkomo.Yiyona kanye imbangela ayadala amazinyo abushelelezi phakathi kweSilo uCetshwayo noMntwana uZibhebhu leyo.UMntwana uZibhebhu wayelwile eSandlwana futhi elwe ngobuqhawe,elwa ngasohlangothini lukaZulu.Waze wathola nezibongo ezithi “unguMudli weNguyazana eyedwa kwaNolele”,lezo zibongo wazithola ngoba wayedubulele wabulala amaNgisi ayewafise egeza esizibeni sakwaNolele ngaseMfolozi eMhlophe.UMntwana uZibhebhu waqala ukulumisa kabi kakhulu uSuthu ngemuva kokulandwa kweWundlu lulandwa ngaBaNtwana benoNdunankulu uMnyamana.

 

Khumu!

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *