IKaizer Chiefs isisayinise umdlali waseTanzania othwelwe ngeQoma

Ezingena manje zithi iqembu leKaizer Chiefs selisayinise uAdolf Mtasingwa Bitegeko umdlali waseTanzania odlala esizwini njengeDefensive Midfielder.Lo mdlali oneminyaka eyi 27 uza nesikhulu isipiliyoni ngoba wake wagijima kumaLigi aphesheya afana neyaseIceland,eyaseFinland kanye neyaseNorway.UBitegeko usayiniswe esuka eqenjini le Azam afike kulona ngo2024 esuka khona phesheya,walelekelela ukuba liqede lihleli endaweni yesithathu.UBitegeko ubuye adlalele neqembu lesizwe laseTanzania,lapho ayisekela Kaputeni khona.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *