AbaPhoyisa aseNgilandi athungatha uNdodana Mkhanyisi Tshuma(45) osolwa ngokuba nesandla ekubulaweni kwamaLungu omndeni wakhe amathathu.OkunguMkakhe uNothabo Zandile Tshuma (42),kanye namadodakazi akhe amabili uNatalie Tshuma(15) noNala Tshuma (5).Kuthiwa laba abathuthu batholakale beshonile emzini wabo oseBedford khona eNgilandi.Kuthiwa oMakhelwane babikele amaPhoyisa ukuthi kukhona okushaya amanzi ngalo mndeni ngoba besekuphele isikhathi eside lo mndeni ungabonakali.Kuthiwa amaPhoyisa abe esevula ngeNdluzula iminyango yalo muzi,kuyilapho okutholakale khona izisulu ezintathu sezishonile.UNdodana yena kuthiwa ucashunwe ngamaCamera eCCTV yaseSikhumulweni seziNdiza iHeathrow Airport ngoMgqibelo esegibela iNdiza eya eZimbabwe ngoba kuthiwa lo mndeni unguMsinsi wokuzimelela kwelaseZimbabwe.Ngokusho kweNtatheli yakhona eZimbabwe uEzra Sibanda kuthiwa uNdodana uke wabonakala eLokishini laseLuveve khona kwaBulawayo eZimbabwe.UNdodana uyacelwa ngesihle ukuba azinikele kwabomthetho abaseduze naye,ngisho noma bengabaliphi izwe.AmaPhoyisa aseZimbabwe asekuqinisekisile ukuthi nawo aselusukumele lolu daba.
Khumu!