Isililo uNogada egwaza ebulala umfundi endaweni ehlala abafundi baseMgungundlovu TVET.Kuthiwa uNogada ochazwe njengoBrian wagwaza wabulala umfundi obehlala kule ndawo ogama lakhe linguMphakamiseni Luyanda Langa.Ngokusho kukaNobuntu Shabalala ongomunye wabafundi futhi owazibonela uzakwabo ebulawa uthi uLanga wabulawa ezintatha zangoMgqibelo esiphuma kuwo.Kuthiwa ingxabano yasuswa wukuthi uLanga wayefuna ukungena nentombi yakhe kule ndawo eyayiqashwe yilo Nogada.UNobuntu bathi basahilizisana ngenkulumo uNogada wabe esikhipha ummese wohlobo luka Okapi wagwaza uLanga amanxeba amathathu,esifubeni nasezimbanjeni washonela khona lapho.Uthi inxeba elaba libi kakhulu yileli elaba sesifuebni.UNobuntu uveze ukuthi bona njengamantombazane besaba ukulekelela uzakwabo,bamela kude.UNobuntu uqhube waveza ukuthi okuyiyona nto ebacasula kakhulu bengabafundi wukuthi umnikazi webhilidi uqashele lo Nogada uMmeli ozimele.Uthi umnikazi wendawo akakwazi ukuthatha uhlangothi lombulali.UNobuntu oveze nokuthi uthola izincingo ezimsabisayo ngoba kuthiwa ukhuluma kakhulu mayelana nalolu daba.Umsolwa obevelile enkantolo namuhla,wenqatshelwa ibheyili
UNogada ugwaze wabulala umfundi eMgungundlovu