Alini liyayidliva kuMaMkhize.

Kubikwa ukuthi  izolo mhlaka 26 kuLwezi kugaseleke ithimba lakwaSARS eMzini kaNkosazana Shawn Mkhize ose-La Lucia , enyakatho yeTheku. Kubikwa ukuthi uMaMkhize ukweleta abakwa-SARS imali yeNtela elinganiselwa kuR40 million . Kuthiwa inhlonso yokugaseleka kwabakwa-SARS eMzini kaMaMkhize bekuwuzo shaqa impahla . Kanti lona owaseMbo akaqali ukuzithola eseyisitha sabakwaSARS njengoba nango2020 wake wazithola esesenkingeni efanayo lapho wayekweleta khona abakwaSARS imali eyayilinganisekwa ku-R2million.  Kuzokhumbuleka futhi  ukuthi lona owaseMbo kusenecala elisaqhubeka eNkantolo elithinta yena noSamir Nurkovic owayekade enguMdali weKilabhu kaMaMkhize i-Royal AM okuyiKilabhu ezinze eMgungundlovu . Kuthiwa i-Royal AM  ikweleta lo mdlali imali engango-R12million , kanti abaMmeli bakaNurkovic sebalwedlulisela ku-FIFA lolu daba. Okusho ukuthi uma i-Royal AM liyilahla leli cala ingahle izithole isithola esikhulu isijeziso esivela kwi-FIFA. Alini liyayidliva impela kowaseMbo ngoba nayizolo iKilabhu yakhe i-Royal AM yehlulwe yiGolden Arrows ngo3-2 emdlalweni weLigi obuseHarry Gwala Stadium , eMgungundlovu .

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *