IBhantshi seligcwale umoya ku-Truter.

Kubikwa ukuthi seligqabukile igoda phakathi kuka-Brandon Truter kanye neqembu abekade elicija , i-Richards Bay FC elaziwa kakhulu nge-Natal Rich Boys. Ukukhonjwa indlela kukaTruter kulandela ukushaywa kwezakhe ngamaGoalie amabili kwelilodwa zishaywa yi-Kaizer Chiefs ngoLwesithathu esiphuma kulona . U-Truter wayethathe izintambo kuMqeqeshi osakhula uVusumuzi “Kanu”Vilakazi owayesindise leli qembu eZembeni ngeSizini eyedlule.  Ekuqaleni kwale Sizini i-Rich Boys yathola abaXhasi , iPhakwe Gas abakubeka kwacaca ukuthi bafuna uMqeqeshi oseqine ukhakhayi kwiRich Boys. Yesona sizathu esenza uKanu ukuba ahlukane neRich Boys ize wayeyisizile wayisindisa ekudliweni yiZembe. Kanti ezinsukwini ezimbalwa ezedlule kuke kwaphithizela iVido lapho bekubonakala khona uMnu Jomo Biyela onguMphathi weRich Boys ethethisa uTruter ngenkathi i-Rich Boys ikhishwe yiqembu leMagesi FC kwiCarling Black Label Cup. Izindaba zokuxoshwa kuTruter kuthiwa ziqinisekiswe uyena uMphathi uBiyela otshele iNtatheli ka Sabc uMazola Molefe.  Akukaziwa ukuthi ubani ozothatha izintambo zokucija i-Rich Boys .

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *