Abantu abaseMijondolo yase Jumpers Informal Settlement ngaseCleveland eGoli basathukile namanje kulandela ukubulawa kwabantu abayishuminambili(12) izolo ebusuku ngezithuba zo20.40 pm.Kuthiwa ngenkathi abantu sebelungiselela ukugoba izinkophe kuzwakale ukuqhuma kwezibhamu ebeziqhuma ngomsindo ongalingani.Kuthiwa abantu baqale besazitshela ukuthi ngamaKrikhethi.Kuthe uma sekuthulekile kuyilapho umphakathi uthole khona ukuthi bekuyizibhamu zangempela.Kuleso sibhicongo kushone abantu abayi12,kwalimala inqwaba ,ephuthunyiswe ezibhedlela eziseduze.Kuthiwa abenzi bobubi bekungamadoda abalelwe eshumini(10) athe uma eqeda ukwenza ububi bawo akhala emuka.AmaPhoyisa athi athole amagobongo ezibhamu ezinkulu impela amaRiffles.Kuthiwa bekhona nokho nezincane ingakho umsindo ubungalingani.AmaPhoyisa athi asola impi yoZamazama abemba igolide ngokungemthetho
Isililo kubulawa ngesihluku abantu eCleveland eGoli