Limgojelile uNjomane icala lokushaya

Izolo inkantolo yaseThekwini ithole uSiya Mhlongo(42)enecala lokushaya ngenhloso yokulimaza owayeyisithandwa sakhe uNjabulo Duma(30) ngebhodlela leSavana ebusweni.Lesi sigameko senzeka mhla lulunye kuSemthemba 2024.Kuthiwa ngezintatha zalolu suku lezi zithandani ezimbili zaba nokuhilizisana ngamazwi ngenkathi zibuya endaweni yokucima ukoma enyakatho yeTheku.Lokho kwaholela ekutheni uNjomane adonse ibhodlela leSavana asakaze ngalo isithandwa sakhe uDuma ebusweni.UDuma wabe esevulela uNjomane icala ebelilokhu liqhubeka kusuka ngawo unyaka odlule.Isigwebo sikaNjomane sizokwethulwa yiMantshi uMnu Mhlonipheni Sibiya ngomhlaka 27 Novemba(kuyo lenyanga ephezulu).Okwamanje uNjomane ungaphandle ngebheyili kaR1000 ayithole khona izolo,yiyona emgunyaza ukuba ngaphandle kuze kube wusuku lwesigwebo sakhe ngomhlaka 27 Novemba.UNjomane ubesebenzela uSabc enguMsakazi woKhozi FM kanye neMetro FM okuyiziteshi ezingaphansi kwayo le nkampani iSabc.OKhozini ubeshayela uhlelo olubizwa ngokuthi uBusuku obuhle okuwuhlelo oluqala ngo8 kusihlwa,kanti kwiMetro FM obeshayela iCommand your day okuwuhlelo oluqala kusuka ngo5 ekuseni kuze kube u6 wasekuseni.Izazi zamacala zihlawumbisela ukuthi uNjomane angathola isigwebo esingaphansi kweminyaka emihlanu,noma akhokhiswe isizumbulu semali esilingana naleso sigwebo.Sekuyozwakala ngawo umhlaka 27 Novemba.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *