Ugcine etholakele uBrown Mogotsi kulandela izindaba ebezithi uhlaselwe ngabantu abangaziwa abebehamba ngeVeni elimhlophe bavulela ngenhlamvu bebhekise emotweni abehamba ngayo kodwa yena noMqaphi wakhe baphuma bengenawo ngisho nowodwa umyocu.UMogotsi uliQabane likaANC,igama lakhe lathintwa uMkhuzi wamaPhoyisa akwaZulu Natal uJenene uNhlanhla Mkhwanazi esithangemeni sakhe sangomhlaka 6 Julayi wathi lomfo wakwaMogotsi uphethe ulwazi olubucayi okufanele ngabe luphethwe ngabakwaSidlodlo kuphela.UNdonga wabuye waveza nokuthi uMogotsi unguMxhumanisi kaNgqongqoshe wamaPhoyisa noVusi ‘Cat’Matlala oseJele ngecala lokuzama ukusocongwa owabe eyintombi yakhe uTebogo Thobejane.UMogotsi ubelokhu engakalivuli icala ngokuhlaselwa kwakhe kwangoMsombuluko ngezithuba zo10 ebusuku.Lokho kushayise amakhala ngoba kuthiwa amaPhoyisa izolo ebelokhu ezame njalo ukuxhumana naye kodwa ewashaya indiva.Aze amthola namuhla ekhosele emahhovisi abammeli bakhe.UMogotsi uhlaselwa nje amaPhoyisa abelokhu ezama ukuxhumana naye kusukela ngomhlaka 16 Okthoba ukuze ashaqe izinsizakusebenza zakhe ezifana noCingo lwakhe kanye neLaptop ukuze kuyophenywa mayelana nokwashiwo uNkwali esithangameni sakhe.AmaPhoyisa akuqinisekisile ukuthi athathe uCingo lwakhe kanye neLaptop ukuze kuyophenywa.UBrigadier Athlenda Mathe onguMkhulumeli wamaPhoyisa kuZwelonke ukuqinisekisile ukuthi amaPhoyisa ashaqe izinsizakusebenza zikaMogotsi ukuze ziyophenywa mayelana nokwashiwo uNdonga.
Ugcine etholakele uBrown Mogotsi