Ingebhe kweqa iziboshwa eziyingozi eJele laseMozambikwe.

I-Afrika eseNingizimu ihlalele ovalweni kulandela ukweqa  kweziboshwa eziyingozi  kwelinye lamaJele aseMozambikwe. Kubikwa ukuthi zingama6 000 iziboshwa ezeqe eJele laseMozambikwe ngoLwesithathu olwedlule. Kulezo ziboshwa kukhona neziboshwa eziyingozi ngendlela eyisimanga. Kuze kube namuhla akukabanjwa ngisho nesisodwa isiboshwa kulezo ziboshwa eziqile. Sekukhona nokuhlawumbisela okuthi kungenzeka ukuthi ezinye zalezo ziboshwa sezingene kwelaseNingizimu Afrika kwazise ezokuphepha aziqinile kahle emingceleni yaleli zwe. Ukweqa kwalezi ziboshwa kuthiwa kubangelwe yizibhelu ezenzeka kuleliya zwe laseMozambikwe. Lezi zibhelu selokhu zaqala ngomhlaka 19 kuMfumfu (Okthoba)  kulandela ukumenyezelwa kuka Daniel Chapo njengowayenqobe uKhetho lwangomhlaka 9 kuMfumfu . UDaniel Chapo unguMengameli weNhlangano i-Frelimo eselokhu yabusa kusukela ngo1975 lapho iZwe lathatha khona iNkululeko yalo kubacindezeli basePortugal . Okunye okwabuye kwabasela izibhelu kwaba  ukubulawa kwabalandeli ababili  bakaVenancio Mondlane ababulawa ngamadoda angaziwa ayehlome eyizingovolo. UMondlane unguMengameli weNhlangano enkulu ephikisayo i-Firebrand kanti kukholelwa ekutheni nguyena owadla umhlanganiso ukhethweni  lwaseMozambikwe. Kubikwa ukuthi bangama 151 abantu asebeshonile kusukela kuqale izibhelu. UMondlane yena kubikwa ukuthi usekudingisweni \ekubhaceni eZweni elingaziwa.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *