Uthi akagculisekile ngomdlalo wakhe wokuqala uNozinti osemncane weKaizer Chiefs

UNozinti osemncane weKaizer Chiefs uTakakani Mazhamba uthi akagculisekile neze ngomdlalo wakhe okuqala ngqa kuleli qembu laseSoweto ngoba engenelwe yiGoalie.UMazhamba wanikwa ithuba lokuqala ngqa lokuba sezintini zaleli qembu ngoMgqibelo emini eMoses Mabhida ngenkathi leli qembu lidlala neChipa United.Iqembu le Chippa lawunqoba lo mdlalo ngo1-0.UMazhamba ukhala kakhulu ngokungenelwa yiGoalie emdlalweni wakhe wokuqala,uthi lokho kwawungcolisa umlando wakhe futhi akekho uNozinti ojabulayo uma engenelwe yiGoalie.Kulo mdlalo baningi abadlali abasakhula abaqala umdlalo,singabala uNaledi Hlongwane,uLuke Baartman kanye nabanye.UMazhamba uthi wangenwa yiTwetwe ngenkathi etshelwa ukuthi wayezoqala umdlalo kodwa wabuye waziqinisa ngokuzitshela ukuthi kade kwasa eyenza lento ngoba uno7years wonke ekwiDevelopment yeKheza.Lo mdlalo ungomunye okulindeleke ukuba bakhushulwe bayodlalela iqembu labadala.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *