Namuhla emini kuqubuke izibhelu esifundazweni saseFreeste edolobheni laseMangaung lapho umphakathi uvuke umbhejazana wabhidliza izakhiwo,watapa nezitolo zabokufika ikakhulu abaseSomalia,Thophiya kanye nabaseBandladesh.Umphakathi ukhale ngokuthi kumele zivalwe lezi zitolo zabokufika ukuze oSomabhizinisi bakuleli nabo bathole ithuba lokuba neziPaza.Inhlangano i-Black Business Chamber isigxeke kakhulu lesi senzo sokutatshwa kwezitolo zabokufika,yathi umthetho kufanele udlale indima yawo.Kanti abakwaSAPS bamemezele ukuthi kuboshwe abantu abayi-142 namuhla khona eMangaung ababoshelwe amacala okucekela phansi impahla kanye nawokutapa.
Kugxekwa isenzo sokutapa izitolo zabokufika eFreestate