Seligcine ligqabukile igoda phakathi kweKaizer Chiefs naBaqeqeshi bayo oCedric Kaze kanye noKhali Ben Youseff .Omunye odedeliwe u-Fitness Coach weqembu uMajdi Safi.Bekungakashiwo lutho mayelana noMqeqeshi woNozinti u-Ilyes Mzoughi oyiNtandokazi yabalandeli beMpofu.Bonke laba Baqeqeshi bafika no Nasreddine Nabi owabe enguMqeqeshi weMpofu kodwa owagcina ekhonjwe indlela.Laba Baqeqeshi babeyingxenye yeThimba lakhe laBaqeqeshi.Njengoba iMpofu isihlukane naBaqeqeshi nje lokho kusho ukuthi isiphume iNqina yokuyozingela uMqeqeshi omusha.
Seligqabukile igoda phakathi kweKaizer Chiefs naBaqeqeshi bayo