Kubikwa ukuthi sekuboshwe owesifazane obhonye isoka lakhe ngoMshiza ekhanda laze lafa.Lesi sigameko senzeke endaweni yaseSlastsha eKhwenxurha eMpumalanga Koloni lapho owesifazane oneminyaka eyi37 eshaye isoka lakhe elineminyaka eyi50 amahlandla amaningi laze lafa.Lona owesilisa ubeyiPhoyisa,ebelingekho emsebenzini.Ubevakashele intombi yakhe kanti bazothi besaziphuzela izolo ebusuku kuqubuke ingxabano eholele ekutheni lona owesifazane adonse uMshiza ashaye ngawo isoka lakhe amahlandla amaningi ekhanda.Kubikwa ukuthi umsolwa ucasulwe wukuthi umufi ubethe ufuna ukuhamba aye kwenye indawo kanti bebesaziphuzela kusemnandi.Wase edonsa uMshiza-ke udade wagadla kumufi.Okhulumela amaPhoyisa aseMpumalanga Koloni uBrigadier Nobuntu Gatane uthi namuhla ngomsombuluko umsolwa uzinekele emaPhoyiseni wafike wawabikela ngokwenzekile.Washo ukuthi kuqubuke ingxabano izolo ebusuka wabe eseshaya isoka lakhe ngoMshiza kwathi uma evuka namuhla wamthola engasanyakazi.AmaPhoyisa abe senikela endlini yomsolwa afica umufi elele ebheke phezulu esefile enamanxeba ekhanda nasezingalweni.Ube eseboshwa-ke umsolwa wetwheswa icala lokubulala kanye nelokudukisa ukusebenza kwengalo yomthetho.
Ubhaxabule isoka ngoMshiza lashona