Sekuboshwe uMy Friend ngelokubulala ingane

Sekuphinde kwaboshwa umsolwa wesibili ecaleni lokubulala ingane yentombazane yaseRoodepoort endaweni yaseDurban Deep uLikhona Fose oneminyaka eyi14.Umsolwa wesibili uboshwe izolo emini,ungowokudabuka ePakistani.ULikhona kwabikwa ukuthi unyamalele mhlaka 31 Meyi,umzimba wakhe utholakale kulo leli viki esikulona usucwiywe wakhishwa isitho sangasese.Kube sekuboshwa umsolwa wokuqala uMduduzi Mnisi mayelana naleli cala oboshwe khona eDurban Deep.UMnisi(39)uvele izolo enkantolo kanti kubikwe ukuthi uzobuye avele nanamuhla.Lo msolwa wesibili onezitolo zamaThakishop khona kuleya ndawo kubikwa ukuthi nguyena owakhipha umyalelo wokubulawa kukaLikhona.Kubikwa ukuthi umphakathi wakule ndawo eyiMijondolo usebenzisane kakhulu namaPhoyisa nokuholele ekutheni kuboshwe laba basolwa ababili.UMnisi uchazwe njengomuntu ohlezi ephambana nengalo yomthetho ohlezi engena ephuma eJele.Kanti namanje kubikwa ukuthi ubesasayina njalo ngeviki eSteshi samaPhoyisa saseRoodepoort mayelana necala abesabhekene nalo.Okumangazayo wukuthi umndeni wakhe uyamphikela uthi akayibulalanga le ngane.Kanti ngakolunye uhlangothi umndeni kaLikhona uthi udinga izimpendulo ngesitho sangasese sengane yabo.Igama lo msolwa wesibili belisagodliwe,kanti ubengakaveli nasenkantolo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *