UGavin Hunt onguMqeqeshi weqembu le Durban City ukuqinisekisile ukuthi yena nethimba lakhe labaqeqeshi bake bafakana imilomo noZakhele Lepasa(28)mayelana nokuthi okaLepasa azodlalela iDurban City.Lo mdlali ongenalo iqembu okwamanje kwazise usanda kudedelwa yiqembu lakhe akhula elilandela okuyiqembu le Orlando Pirates.Kuzokhumbuleka ukuthi uLepasa unobudlelwano ubuhle kakhulu noHunt ngoba ngenkathi uHunt esacija iSupersport United wake wameboleka lo mdlali,emeboleka eqenjini lakhe iPirates.Ngalezo zikhathi uLepasa wayesenesikhathi eside impela engalinuki ijesi kuleliya qembu.Wathi uma efika kwiSupersport wenza ezibukwayo,washaya amaGoli ayebalulekile, wavuselela nomgqigqo wakhe(form).Ngenkathi uHunt exoxa nabezindaba uvumile ukuthi yena nethimba lakhe labaqeqeshi baxoxile noLepasa kodwa akukho okutheni okuphathekayo ngaleyo ngxoxo,uqhube wathi uLepasa uzwakale sengathi usenezinye izinhlelo.Uqhube wathi nokho akazi noma imbangela yalokho kube wukuthi uLepasa akekho kuleli okwamanje ngoba ngenkathi bemfonela ubesemazweni neqembu lesizwe iBafana Bafana kwazise lidlala iCHAN.