Owabe eyiPhoyisa likaMaspala weTheku Qiniso Sishi(41)ulaxaze isicelo sakhe sebheyili namuhla njengoba ubevele enkantolo iDurban Magistrates Court namuhla mhlaka 18 kuNcwaba(Agasti).Bekulindeleke ukuba uSishi afake isicelo sebheyili kodwa wasilaxaza.Ngomhlaka 27 Ntulikazi(Julayi)uSishi waphikelela emzini kaMmeli wakhe eClairwood eNingizimu yeTheku wafica unkosikazi kaMmeli wakhe uThando Mkhize nendodakazi yakhe,kwaqubuka ingxabano phakathi kukaSishi noMkhize,uSishi wagcina ethathe ummese wagwaza ngawo uMkhize washonela khona lapho.UKhumbuzile Mkhize onguMkhulumeli womndeni kaMufi uthi bayakwamukela futhi bayakuthokozela ukulaxaza isicelo sebheyili kukaSishi ngoba akakufanele ukuba semphakathini.USishi uvele enkantolo ezibophe isandla ngebhandeshi,kubikwa ukuthi wazisika isihlakala mhla ebulala uMkhize ngenhloso yokuzibulala.IMantshi uSicelo Zuma ihlehlisele leli cala kumhlaka 29 Mandulo(Septemba)ukuze kuqhubeke uphenyo.UKhumbuzile Mkhize uphinde wazwakalisa ukukhathazeka kwakhe ngesimo sendodakazi kadadewabo eyabulawelwa unina phambi kwayo,uthi isashaqekile kanti ukhathezekile ngayo ngoba izivivinyo zikaMatekuletsheni seziseMome kwazise isonyakeni kaMatekuletsheni.
Ulaxaze isicelo sebheyili owagwaza wabulala inkosikazi kaMmeli wakhe