Bafe olwembiza abalandeli bebhola ngokudlula emhlabeni kukaTendai Ndoro owaduma kakhulu kwiOrlando Pirates ngonyaka ka 2015 kuya ku2017.Le nsizwa yakwaNdoro eyayingaligeji ipali ngezikhathi zayo itholakale ishonile ekhaya layo eliseSandton eGoli.UNdoro udlule emhlabeni eneminyaka eyi40.Ngokusho kwabasondelene nale nsizwa kuthiwa uNdoro ubelokhu ekhathazwa isifo sikashukela kusukela ngo2021 okuyiyona mbangela eyamenza washeshe waphanyeka amakhokho eThala.Kuthiwa lesi sifo sasimhlasela kakhulu emehlweni ingakho washeshe waphanyekwa amakhokho ethala.Kanti kamuva nje uke walaliswa esibhedlela saseThekwini ngenxa yesimila ebesimumile ekhwapheni.UTendai Ndoro ubeyiwele noTakudzwa Ndoro onguNozinti owake wavimbela iWitbank Aces.Manje iwele lakhe uTakudzwa lihlala kwelaseBotswana.UTendai wafika lapha emzansi kulandela ukulandwa kwakhe yiBlack Aces yaseMpumalanga imulanda kwiChicken Inn yaseZimbabwe.Wadlala kwiBlack Aces iminyaka embalwa wabe esedlulela kwiOrlando Pirates kwazise wayengumgadli oshisa bhe ngezikhathi zakhe.KwezikaMagebhula wadlala amasizini amabili ngaphambi kokuba iPirates imudayisele eSaudi Arabia.Wathi uma ebuya eSaudi Arabia wadlala kwiAjax Cape Town nokuyilapho agcina khona ukudlala ibhola ngo2021.Usuku lokafihlwa kakhe belungakaminyezelwa okwamanje.
Kukhonjwa isifo sikashukela ngokushona kukaNdoro