AmaPhoyisa ase Vosloorus asekuqinisekisile ukuthi asevule icala lokuzama ukubulala kulandela isigameko sayizolo ebusuku ngoMsombuluko ngezithuba zabo10 lapho amaPhoyisa akhona kule ndawo efonelwe khona inkampani yoNogada ezimile ibika ngokuthi kube nokuqhuma kwesibhamu.Abe esenikela khona-ke amaPhoyisa athola ukuthi endaweni yesigameko bekukhona uSomabhizinisi uBrown Mogotsi kanye noNogada wakhe.UMogotsi utshele amaPhoyisa ukuthi basinde kwiNtululwane yezinhlamvu ebeziqhamuka kwiVeni elimhlophe ebelilokhu libalandela.AmaPhoyisa abe esekhuthaza uMogotsi ukuba kungakuhle avule icala naye,kuthiwa uMogotsi uphendule ngokuthi usahlukumezekile emoyeni uzolivula ngokuhamba kwesikhathi.UMkhulumeli wamaPhoyisa uBrigadier Athlenda Mathe uthi kuze kube manje ngo10 ekuseni ngoLwesibili uMogotsi ubengakalivuli icala kanti nezincingo zabo akasazibambi.UMathe uqhube wathi ngokusho kwamaPhoyisa afike kuqala endaweni yesigameko athi kudutshulwe izinhlamvu eyi11 emotweni kaMogotsi,kulowo 11 wezinhlamvu ayikho neyodwa enembile ngoba akukho gazi emotweni kaBrown.Enye yezintatheli ibe isimubuza uMathe ukuthi kuzokwenzekalani uma kuwukuthi uMogotsi udlala ngabo.UMathe uphendule ngokuthi uzovulelwa icala lokuphazamisa ukusebenza kweNgalo yomthetho.Igama likaMogotsi lisematheni kulezi nsuku kulandela ukuvela kwalo esithangameni sikaMkhuzi wamaPhoyisa akwaZulu Natal uNhlanhla Mkhwanazi sangoJulayi 2025.Kanti futhi uMogotsi ungomunye wabantu abazovela maduze kwiKhomishana kaMadlanga ephenya ngokwethulwa uNdonga kwisithangami sakhe sangomhlaka 6Julayi.