Iqembu leBhola likaNobhutshuzwayo laseNgilandi iLeicester City selimemezele ukuthi uRuud van Nistelrooy usezocija leli qembu elidlala kwiEnglish Premier League yaseNgilandi. UNistelrooy uvala isikhala sikaSteve Cooper osanda kukhonjwa indlela yileli qembu . UNistelrooy usayine inkontileka yeminyeka emibili nesigamu okusho ukuthi uyocija iCity kuze kube unyaka ka 2027. Le nsizwa yakwaNistelrooy engeyokudabuka eNetherlands yake yadlalela iManchester United kanye nele Real Madrid , yadlalela kakhulu neqembu le sizwe laseNetherlands. Kamuva nje ibikade iyisekela lika Erik ten Hag osanda kukhonjwa indlela yiManchester United. UNistelrooy uke wabamba izintambo okwesikhashana laphana kwiUnited ngenkathi iqembu lisazingela uMqeqeshi ozovala isikhala sika Hag. Ngenkathi uNistelrooy esabambile unqobe imidlalo emithathu kwemine. Kuleyo midlalo emithathu ayinqoba washaya nayo i-Leicester City amahlandla amabili, ngo 5-2 kwiEFL Cup wabuye wayishaya emdlalweni weLigi ngamagoalie amathathu eqandeni. UNistelrooy uzokwethulwa ngoMsombuluko mhlaka 2 kuLwezi(Novemba) , kanti uzobe eseBhentshini le Leicester City ngoLwesibili emdlalweni abazowudlalela ekhaya neWestham United .
Usezocija i-Leicester City uVan Nistelrooy