Kuvalwe indawo yokucima okuma edume kakhulu endaweni yaseHillbrow,le ndawo ibizwa ngokuthi yiRazzmatazz,ivalwe ezintatha zanamuhla.UDokotela uMgcini Tshwaku onguMMC wezokuphepha eGoli utshele abezindaba ukuthi le ndawo ayikho esimeni sokuba yindawo yokucima ukoma.Uzibekile-ke izizathu,isizathu esikhulu uthe le ndawo ayinazo izinsiza zokucima umlilo uma ngabe isha,uqhube wathi nenhlanzeko ayikho nhlobo kulendawo amaphayiphi ayavuza kanti nezindlu ezincane azikho esimeni esihle.Le ndawo yaduma kakhulu ngimnyaka yama90s kuya eminyakeni yokuqala yama2000s.Abaculi beKwaito esingabala kubo oOskido,Thebe kanye nabanye bebeqashwa kuyo le ndawo.USopolitiki uFikile Mbalula uzibiza ngayo le ndawo,asazi noma naye wake waphuza khona yini.Kule ndawo kubuye kutholakale namaYengandoda,aBaqwayizi phela.Ngezansi kwayo le ndawo phecelezi eBasement kukhona inkundla yokudlala amankomane phecelezi boxing ring.Abanikazi bayo bebengakaphawuli ngokuvalwa kwayo le ndawo,kodwa uDokotela uTshwaku uthe le ndawo angeke ivulwe uma zingalungiswanga izinto abakhale ngazo.UDokotela uTshwuku nguyena ngqo obehola ithimba elivale le ndawo ezintatha zanamuhla.
Kuvalwe iRazzmatazz,indawo yobumnandi edumile eHillbrow