Kuboshwe abayishumi nanye(11)mayelana nesibhicongo sangesonto eledlule lapho kwadutshulwa kwabulawa abantu abayishumi kwalimala abayisishiyagalolunye(9).Kuleli shumi labashona oyedwa wabo washonela esibhedlela,u9 wasala enkundleni.Lokhu kwenzeka ethaveni ebizwa ngokuthi kukwaNoxolo khona eBekkersdal eGoli.Kuthiwa kwesikaBhadakazi kwatheleka amadoda angaziwa ehlome eyizingovolo avulela ngenhlamvu abulala u9 wabantu kwalimala abayishumi.Isibalo sabashona sagcina senyukile saya kwabalishumi kulandela ukushona kwesisulu esashonela esibhedlela.Ezinsukwini ezedlule osabambe isikhundla sikaKhomishana wamaPhoyisa aseGauteng uJenene Fred Kekana utshele abezindaba ukuthi sekukhona ababili asebeboshiwe mayelana nesibhicongo sakwaNoxolo.Kuthiwa labo ababili yibona abaholele amaPhoyisa lapho ebekubhace khona laba abayi11 ababoshwe namuhla.Kuthiwa batholakale bebhace kwenye indlu khona eBekkersdal.Kuthiwa le ndlu ingeyeMayini yendawo,kubikwa ukuthi iMayini ibigadwe isisebenzi sale Mayini naso esiboshwe kanye nababoshiwe.Kuthiwa amaPhoyisa athole izibhamu eziyingozi okuhlanganisa neAK47.Zonke lezi zibhamu kwatholwa amaGobolondo azo esibhicongweni.Kwababoshiwe kukhona abayi9 abangabokudabuka eLesotho,oyedwa waseMozambique kanye noyedwa owaseMzansi okuthiwa nguyena obegade indlu.Akukaziwa noma naye wayekhona yini mhla kushobociswa kwaNoxolo Tarven.UNoxolo onguMnikazi weThaveni naye uboshiwe izolo eboshelwa iLayisensi yomgunyathi.Kuthiwa laba ababoshiwe kusolakala ukuthi bangamaZamazama,abavukuzi abavukuza iGolide ngokungemthetho.
Kuboshwe abayishumi nanye(11)mayelana nelokubulala ishumi labantu eBekkersdal