Ukhuza ibuya uXolani Khumalo ohlelweni iSizokthola

Bajabule abalandeli bakaXolani Khumalo(34) njengoba ekhuza ibuya ohlelweni iSizokthola oludlala kwiMoja Love.Lolu hlelo luphenya ngobugebengu obuthinta kakhulu izidakamiswa.Umfoka Mntungwa selokhu amiswa ukushayela lolu hlelo ngo2023 kulandela ukuvulelwa kwakhe amacala athinta nelokubulala uRobert Varrie(49) ngoJuly owayesolwa ngokudayisa izidakamiswa ngoJuly wango2023.Izintambo zalolu hlelo bezisabanjwe uXolani Maphanga obuye ashayele iXRepo khona kwiMoja Love.Ukubuyisa kukaKhumalo kuza ngemuva kokuhoxiswa kwecala lakhe lihoxiswa yinkantolo yasePalm Ridge izolo ngoMsombuluko.UMshushisi uAlbert Dwera ucele inkantolo ukuba iwahoxise wonke amacala athweswa uKhumalo ukuze umbuso uzokwazi ukuphenya kahle.UKhumalo ubebhekane namacala athinta elokubulala,elokushaya ngenhloso yokubulala kanye nelokuthumba.IMoja Love ikhiphe istatimende namuhla ibika ngokukhuza ibuya kukaKhumalo.Babe sebephawula-ke abalandeli bakhe,abanye bazwakalise injabulo,kanti abanye bagxeke iMoja Love bathi ayizange imiseke uKhumalo ngenkathi esashushiswa,kunalokho yavele yaphuthuma ukumumisa emsebenzini.UKhumalo wazakhela ugazi kubantu ngendlela abelwethula ngayo lolu hlelo,wathandwa ngababukeli bakaMabonakude ezweni lonke bamethwala ngeQoma.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *