Sisayine inkontileka entsha iSitobha seLiverpool

Bajabule bayafa abalandeli beLiverpool kulandela ukusayina inkontileka entsha komdlali oyiSitobha esethenjiwe kuleli qembu uVirgil van Dijk.Lo mdlali odabuka eNetherlands usayine inkontileka entsha yeminyaka emibili,bekulindeleke ukuthi inkontileka yakhe anayo manje iphele ngoNhlangulana(June) walonyaka.Le nkontileka asanda kuyisayina izophela ngo2027 eseneminyaka engama 37 kwazise manje uneminyaka eyi35.Kuthiwa lesi Sitobha saseDutch sizohola imali elinganiselwa ku385 000 wemali engoPondo baseBhilithane ngeviki.Kubikwa ukuthi uVan Dijk uyolala isithathu kubadlali abahola kangcono kwiLigi yaseNgilande.Umdlali ohola kangcono kunabo bonke kule Ligi nguErling Haaland ongumgadli weManchester City okubikwa ukuthi uthola isigamu seSigidi soPondo baseBhilithane ngeviki,alandelwe nguMoh Salah ongumgadli weLiverpool naye osanda kusayina inkontileka entsha,yena kubikwa ukuthi uhola imali engoPondo abayi480 000 ngeviki.Ephawula kwabezindaba uVan Dijk ubike ukuthi ujabule kakhulu ngokusayina le nkontileka ngoba uyalithanda iqembu leReds,uyabathanda futhi ozakwabo kanti uyalithanda neDolobha iLiverpool.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *