Ujabule kakhulu umndeni wengane yaseLimpopo eyadlwengulwa uThisha wayo kulandela ukunqatshelwa iBheyili komsolwa.Kuthiwa umsolwa(58) wayedlungula le ngane eniminyaka eyi13 kusukela ngoJulayi nyakenye kwaze kwaba uMashi walonyaka.Le ngane inguMfundi esikoleni lo msolwa afundisa kusona khona eLimpopo.Umsolwa ubevele enkantolo yaseMankweng Magistrate Court izolo mhlaka 29 kuApreli lapho uMmeli wakhe uMichael Khumalo amcelele khona iBheyili ekhala ngokuthi iKlayenti lakhe kumele liyoqala uPhehlo maduze ngoba linoBizo lobuNgoma.UMbuso obuholwa nguMnu Joel Mamabolo usichithile isicelo seBheyili salo msolwa wathi umsolwa uhlulekele ukuveza noma ukuza noGobela wakhe azofakaza enkantolo.Kuthiwa le ngane umsolwa wayeyidlwengulela eKlasini lakhe ekuseni ngenkathi ezinye izingane zisathandaza kuAsemble.Kuthiwa kamuva nje wabanjwa oqotsheni ngomunye woThisha besifazane enukubeza le ngane ngokucansi.Lowo Thisha wesifazane uzoba ngomunye bofakazi abazofakaza bemelene nomsolwa.Leli cala libe selihlehliselwa umhlaka 20 June kuwo lonyaka.Umsolwa selokhu aboshwa ngomhlaka 31 Mashi ngemuva kokubalekela abamthetho izinsuku ezintathu.Uzohlala esitokiseni kuze kube yiwona umhlaka 20 June 2025.Ekhuluma nabezindaba uBabekazi wengane uthi ukunqantshelwa iBheyili kukamsolwa kube izindaba ezimnandi kubo bewumndeni.
Khumu!