Umfundisi uzovela eNkantolo ngokusenga ezimithiyo

 

Umfundisi wesilisa oneminyaka engama68 ubudala kulindeleke ukuthi avele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yasePolokwane ngoMsombuluko 05 Meyi ebhekene necala lokunikeza imininingwane yamanga emaPhoyiseni. NgoLwesihlanu mhlaka 2 Meyi 2025, umsolwa wesilisa ungumfundisi oneminyaka engama68 kusolwa ukuthi waya esiteshini samaphoyisa aseWestenburg ukuvula icala lokudunwa kwemoto yakhe ngasemgwaqweni uR37.Watshela  amaphoyisa ukuthi ngomhlaka 11 Ephreli 2025 cishe ngezithuba zabo9: 00 ekuseni , wayeshayela imoto yakhe yohlobo  lweDaihuutsi Tarios motor Tahice ephikelele ePolokwane ngawo u-R37 lapho athola abesilisa ababili abacela uLift wabanika kanti bazothi sebengaphakathi emotweni bamukhombe ngezibhamu bamephuce imoto yakhe.UMsolwa kuthiwa wabikela amaPhoyisa ukuthi ngalo lolo suku wabuye wayithola imoto yakhe kodwa yayisikhunyulwe uGearBox.Ngenkathi amaPhoyisa enza uphenyo mayelana nalelo cala athole ukuthi umsolwa uqamba amanga,nguyena owakhumula uGearbox wayowudayisa  endaweni yaseLebowakgomo eScrapyard.Ngokuhamba kwesikhathi umsolwa ugcine evumile ukuthi ubeqamba amanga akukaze ukube khona ukudunwa kwemoto.AmaPhoyisa abe esevulela lo msolwa ongumfundisi icala lokunikeza amaPhoyisa imininingwane engamanga. 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *