Lihlehliselwe uMasingana icala losolwa ngokubulala amantombazane aseMamelodi

Lihlehliselwe umhlaka 19 Masingana(January)2026 icala lo msolwa odubule wabulala amantombazane aseMamelodi uTshiamo noBaleseng Moramaga ngezintatha zangeSonto eledlule.UTebogo Mnisi(38)uvele kancane enkantolo yaseMamelodi namuhla ngoMsombuluko ngecala lokubulala lezingane.Kubikwa ukuthi umsolwa uyisoka likaTshiamo,kanti kuyavela futhi nokuthi ungumuntu ohlukumeza abantu besifazane ngoba baningi abesifasane abaphumule obala ngaye uMnisi bethi useke wabahlukumeza,Omunye wabo uze wafaka neVido ayishutha eveza yena ngqo uMnisi obevele namuhla enkantolo.UMnisi wethweswe amacala amabili okubulala kanye nelokuzama ukubulala kwazise kunesisulu esisebhedlela njengamanje esadutshulwa uMnisi ngenkathi ebulala oTshiamo noBaleseng.Lezingane oTshiamo noBaleseng zingokaNina,oMama bazo  bayizelamani.Kubikwa ukuthi isisulu esisesibhedlela naso siyisihlobo somndeni wakwaMoramaga.Kubikwa ukuthi uMnisi wayekuhlelile ukusoconga lamantombazane ngoba kuyavela ukuthi waphuma inqina yokuyofuna isibhamu nokwaba yinqina eyathatha izinsukwana,Wagcina esitholile kodwa singenazo izinhlamvu.Wabe esephuma enye inqina yokuyofuna izinhlamvu waze wazithola.Okwalandela lapho kwaba wukuthi adubule abulale lamantombazane.UMnisi kuthiwa uwuNogada(Bhawunsa)kwenye yamaThaveni endaweni,kanti ubuye abe neBhizinisi lokukhanda izimoto alenzela kwakhe eMamelodi.Kuthiwa isizathu asibekile sokubulala lezingane wukuthi zadla imali yakhe ewuR10 000 emankwebevini.UMnisi unqabile ukufaka isicelo sebheyili.Lokho akumangazanga ngoba kuthiwa nekhaya akasenalo kwazise phela umuzi wakhe wangqongqiswa ngomlilo ungqongqiswa wumphakathi.Kubikwa ukuthi uMnisi wanyamalala endaweni ngemuva kokutholakala kwamantombazane eshonile.Umuzi wakhe ushiswa nje umphakathi wawuthole kukhala iBhungezi,abe esewuthungela ngomlilo.Uze waboshwa ngoMsombuluko emini ethela kwelinye lamaGarage aseMamelodi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *