Siyaphela iScandal ngoNhlangulana

Sekumenyezelwe ukuthi sizophela ngoJune wangonyaka ozayo iScandal okungumdlalo odlala kuETV,othandwa ngabaningi.Lo mdlalo usungeminyaka engamashumi amabili waqala ukudlala,waqala mhla zintathu(3)kuMasingana(January) ngowe 2005.Kanti izolo ngomhlaka 27 kuMfumfu lo mdlalo ububhiyozela isikhawu noma isiwombe sama 5000.UJames Sithole odlala indawo kaMdala uphawulile ngokuya emaphethelweni kwalo mdlalo ngenkathi exoxa nePhephandana iDaily Sun.Uthe kumuphatha kabi kakhulu ukuthi lo mdlalo usuyaphela ngoba phela ubusufana nekhaya kuye.Uphinde wezwakalisa ukuzwelana nabadlali asebebadala abadlala kwiScandal,wathi uyabadabukela kakhulu ngoba kuyoba lukhuni kubona ukuba baqashwe kweminye imidlalo.Uthi le genge esencane ingcono yona ngoba nakusasa ingavuka iqashiwe.OkaJobe uphinde wedlulisa okukhulu ukubonga kubadidiyeli beScandal ngethuba abamunika lona.Omunye umdlali oxoxe neDaily Sun uMoses Mabuza odlala indawo kaTaps.Yena-ke uthe ize bedangele ngokuphela kwalo mdlalo kodwa ngakolunye uhlangothi bedlulisa ukubonga okukhulu ngamathuba abawanikwa ngabadidiyeli balo mdlalo.IScandal sizogcina ukubonakala koMabonakude ngoNhlangulana(June)wangonyaka ozayo 2026.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *