Umunyu kubalandeli bebhola lika Nobhutshuzwayo kulandela ukwedlula emhlabeni kukaBaba uLucas Moripe owayedume ngelika Masterpieces ngezikhathi zakhe zokudlala. Wayebuye aziwe kakhulu ngokuthi uwu “Modimo waBholo”okungamagama olimi lwesiPedi ahumusheka ngokuthi “iNkosi yeBhola”. UBaba uMoripe usishiye ngomhlaka 19 kuLwezi (Novemba) . Le Nsizw’endala yaqala ukudlala ibhola ngonyaka ka 1971 kwiPretoria Callies okuyiqembu elisekhona namanje kwiNFD. Ngenkathi uBaba uMoripe egijima kulona lalisadlala kwiNational Premier Soccer League(NPSL) . Ngowe 1981 uBaba uMoripe wathi khumu kwiCallies wayoyina i-Orlando Pirates lapho adlala khona iminyaka embalwa ngaphambi kokuba akhweze amaKhokho akhe eThala. Ziningi izicoco ezadliwa uBaba uMoripe ngenkathi esadlala. UBaba uMoripe wahlonishwa esaphila eBholeni laseNingizimu Afrika ngoba kwaqanjwa ngaye inkundla i-Attredgeville Stadium , eLokishini lase-Attredgeville ePitoli .Le nkundla iyikhaya le Mamelodi Sundowns . UBaba uMoripe ubuye akhumbuleke ngokuthi unguBaba ka William “King of Bling”Mbatha owayenguMgulukudu , ephila impilo yoBukhazikhazi. Manje udonsa iminyaka eminingi eMaketengweni ngenxa yezenzo zakhe . UMbatha uzalwa ngowabe eyintombi kaBaba uMoripe , uVirginia Mbatha wakhona ePitoli.
Umunyu kudlula emhlabeni uBaba uLucas “Masterpieces” Moripe.